Umbiko womphakathi wase-Dukuduku Uhlanganiswe ikomidi lomphakathi kwezomhlaba Wethulelwa ikomidi lomnyango wezamanzi namahlathi zingu 12/03/08

Umlando Kafushane

Ihlathi lase-Oukuduku litholakala ogwini olusenyakatho yesifunda I-KwaZulu-Natal. Kulelihlathi kunabantu abahlala kulo kusukela ngeminyaka yo-1700 ngokomlando. Labantu bathola ukuhlukumezeka uhulumeni wobandlululo kanye nowentando yeningi bebafudula ngezikhathi ezahlukene bebakhipha ehlathini.

Abantu baqala ukukhishwa ngendluzula ehlathini ngeminyaka yo-1964 ukuze umhlaba unikezelwe emasosheni ayebambe iqhaza empini yomhlaba.

Ngeminyaka yo-1973 wabafudula futhi uhulumeni ngenhloso yokutshala amahlathi.

Ngeminyaka yo-1979 waphinda wabafudula ukuze kwakhiwe isikhungo sombutho wezokuvikela.

Ngeminyaka yo-1998 iminyango kahulumeni wentando yeningi yaqhubeka nokufudula abantu ngenhloso yokusebenzisa umhlaba ngezindlela ezahlukene, ikakhulu ngakwezokuvakasha.

Zonke lezizigameko zihambisana nokubhidlizwa kwemizi, ukuthathwa kwemfuyo, ukufa kwezimpahla, ukufa kwabantu, nokuphuma kwesithunzi sethu njengendlu emnyama.

Isicelo Somhlaba

Ngonyaka ka-1998 safaka isicelo somhlaba kukhomishana wezemihlaba ukuze sinqande ukuhlukumezeka. Kwaba sengathi sithela uphalafini emlilweni. Ukuhlukumezeka kwayaphambili. Imikhiqizo yethu njengomoba, ubhanana, nemifino ehlaza ayibange isemukeleka ezimakethe, ikakhulu umoba, wenqatshwa emushinini kashukela. Ukulima ikona esiziphilisa ngakho njengoba amathuba emisebenzi engekho esifundazweni sakithi.

Imisebenzi etholakala kuhulumeni njengo-Gijima KZN, ipitoli, neminye asinikwa ngoba kuthiwa asifuni ukuphuma ehlathini.

Umasipala wendawo awusiletheli intuthuko. Izikole ezikhona endaweni sizakhele thina, uhulumeni usisiza ngothisha.

I-St. Lucia Wetlands Park Authority ayisivumeli ukuba sisebenzise izinsiza zemvelo ezitholakala kulendawo. Kumele sizikhokhele uma sizidinga. Izimpilo zamalungu omphakathi zincike kakhulu ezinsizeni zemvelo ezitholakala ehlathini.

Umphakathi okuyiwona ohlukumezekile awulibambi iqhaza ezingxoxweni zokuthola isisombululo saloludaba, kodwa ukuhlukumezeka kwawo kuyaphambili.

Esifisa Kwenzeke

Sifisa ukuba uhulumeni asinike ubunikazi bomhlaba ngokusemthethweni ukuze:

·         Sizosebenzisana naye ukuphathweni kwehlathi nezindawo ezivikelekile.

 

·         Sizothuthukisa imisebenzi yethu kwezolimo siphakele izimakethe.

 

·         Sizosebenzisana nomasipala ekuthuthukisweni kwendawo yethu.

 

·         Ukubamba iqhaza ezinhlelweni zokuvakasha eziqhubekayo ehlathini nasezindaweni ezivikelekile.

 

·         Ukuthola uqeqesho oluqondene nayoyonke imikhakha esizobamba iqhaza kuyo.

 

·         Ukuthola uxhaso kuhulumeni Iwezinsiza kusebenza ukuze sizothuthukisa imisebenzi yethu. Lokhu kuyobuyisa isithunzi sethu, sisebenzise umhlaba ukuthuthukisa izimpilo zethu, sizizwe siyizakhamizi zeNingizimu Afrika ngokugcwele.