INDODA SKILLS,ARTS AND DEVELOPMENT TRUST

Mhlonishwa

 

Isichibiyelo mthetho (B 55-2003)

Ngithanda ukuphawula ngesichibiyelo somthetho wobakhamuzi base Ninigizimu Afrika.

Ngokwami ukubona ngithi uma umuntu ephule lomthetho ngokusebenzisa ubakhamuzi obunye belinye izwe makangaphucwa obokuzalwa; kodwa kuhlolisiwe ukuthi wabuzuza ngayiphi indlela lobo bangaphandle. Ngoba kukhona labo abazuza ubakhamuzi belinye izwe ngoba engabucelanga kodwa ngenxa yeqhaza alibamba/mbile kulelozwe.

Isibonelo: Njengomsubathi uNkssn Zola Budd wake wabuzuza eBrithani ngenxa yokumcoma kwabo ngeqhaza lakhe kwezokusubatha ngalokho ngithi makuphenywe ukuthi wabuzuza ngesicelo noma yisipho ( award)

Ngalokhu-ke ngisho ukuthi mabangaphucwa labo abambaxambili. Labo bakufanele ukujeza noma kanjani

Ngiyabonga ukwamukela lencwajana yami Mhlonishwa.

The main argument presented here is that those individuals having South African and foreign country citizenship should be investigated the way they had obtained foreign citizenship because some of them obtained it on basis of role they played in that particular country like Zola Budd who was awarded citizenship from Britain.

 

Mr M.E.MKHANAZI DG